Tuesday, September 19, 2006

Call to pray for parliament on marriage in Zulu

Isimemo somkhuleko wokumelana nomshado wobulili obufanayo

“Vikela umshado” iqembu eligqugquzela ukuvikela umshado limema amaKhrestu ukuba akhulekele uhulumeni ukuba amise umshado wobulili obufanayo kulamaviki amabili alandelayo (izinkonkoni).

· Ungathanda ukukhuleka kanjani kulamasonto amabili ezayo?

Beka isikhathi nsukuzonke kuze kube ngu 24 September ukhulekele amalunga ephalamende. Yilowo nalowo angazinqumela ukuthi uzobeka isikhathi esingakanani.

· Kubaluleke ngani ukuba sikhulekele iphalamende njengamanje?

Njengamanje sibhekene nesimo esibucayi ngendlela engakaze ibonakale emlandweni weNingizimu Afrika. Isinqumo esizothathwa iphalamende ngomshado phakathi kwezinkonkoni kulamasonto amabili ezayo, sizobanomthelela onzulu mayelana nekusasa kanye nesimo sokholo ezweni laseNingizimu Afrika. Iqembu lamajaji angakhethiwe ngokomthetho lizama ukudicilela phansi isithunzi somshado njengoba siwazi.

Uhulumeni uqale waphikisana nabo enkantolo, kepha njengamanje uya ngokuya evumelana nemibono yabo. Siyambonga uNkulunkulu ukuthi iningi lamalunga ephalamende alihambisani nomshado wezinkonkoni. Kusukela ekuveleni kwentando yeningi ngo-1994, akukaze kube nokuhlukana ngokwemibono ephalamende njengoba kwenzeka manje. Sinethuba elihle lokuphumelela uma nje amalunga ephalamende ahambisana nomshado njengoba siwazi ezoma isibindi yize kubeka imisebenzi yawo yezepolitiki encupheni.

Ngonyaka ka-1996 no 2004 kwinkulumompikiswano mayelana nokukhishwakwezisu, amalungaephalamende aphoqelelwa ukuba avotele ukukhishwa kwezisu noma angazibandakanyi. Abalwela ukuhlanganiswa kongqinili ngokomshado bathemba ukuthi kuzophinda isimo esifanayo. Esikubonayo akukhona ukuvivinywa komshado wabantu abanobulili obufanayo, kepha kuwukuvivinywa kwentando yeningi nokuthi abaholi bethu besaba uNkulunkulu noma umuntu. Ngesikhathi esifanayo “i-private members bill” iye yaziswa ephalamende ukushintsha umthetho sisekelo. Akukaze kwenzeke lokhu ngaphambilini.


Abaholi bahulumeni abaningi bamelene nomshado wezinkonkoni, kepha baphoqelelwa izinkantolo kunye nabanye. Ngakho-ke kumele sibakhulekele ukuba babe nonembeza nesibindi. Abaningi bethu baye bazikhulekele nje bona kuphela. Kepha iBhayibheli liyasinxusa, singamaKhristu, ukuba sikhulekele nabaholi (1 Timothewu 2:1-2). Uma uhulumeni ethatha izinqumo ezimbi, kumele sizibuze ukuthi siwenzile yini umsebenzi wethu wokuba sibakhulekele.



· Obani okumele sibakhulekele?

1. Ungqongqoshe wezasekhaya Nosiviwe Mapisa Ngqakula ukuba ayeke ukubeka emthethweni umshado ophakathi kwabantu bobulili obufanayo,
2. Ungqongqoshe wezomthetho u Bridgette Mabandla ukuba avumelane nesichibiyelo kumthetho sisekelo.
3. uMongameli u Thabo Mbeki onomthelela kwingqubomgomo kahulumeni futhi uzodiga ukusayina ngokusemthethweni uku
4. Steve Swart ilunga lephalamende elifike ne private members bill ukuchibiyela umthethosisekelo.
5. Iqembu lezamasiko ase Afrika
6. Amalunga ephalamendekuzozonke izinhlangano zepolitiki – ikakhulu amakhrestu. Khulekela I ACDP, ANC, APO, DA, FF+, ID, IFP, PAC ne UCDP.
7. Abalwela ukuma komshado njengoaba siwazi. Ningikhulekele nami ukuthi ngingapheli amandla nokuthi uNkulunkulu asihambele phambili kule mpi.

· Yini okumele siyikhulekele?

1. Izinsiza kusebenza ezidingekayo ukulwa nokunqoba lempi.
2. Ukuba uNkulunkulu athethelele izwe lethu nebandla ngokubekezelela nokungalwisani nobunkonkoni.
3. Amabandla kaKhristu anga-compromise uma ebhekene nezimo zokushada kwezinkonkoni
4. Nokungaphumeleli kwamacebo kas Sathane lapho esebenzisa labo abalwela ukushada kwezinkonkoni
5. Inkantolo Yomthetho Sisekelo – ukuhlehlisa kwesikhathi sokucubungula lolu daba
6. Abezindaba – bbalunike isikhathi lolu daba kanti futhi basakaze ngokungabacwazi labo balwela umshado njengoba siwazi.
7. Ukushintshwa Komthetho Sisekelo ukuthi uvikele umshado njengoba siwazi.

· Ungaluthola kuphi ulwazi olubanzi ngalolu daba?

www.defendmarriage.co.za

Philip Rosenthal

Defend Marriage: Constitutional Marriage Amendment Campaign
www.defendmarriage.co.za
http://defendmarriage.blogspot.com/
Tel/fax: +27 (0)21 6854500
Mobile: +27 (0)82 6768966
Email: philip@rosenthal.net
Skype: PhilipRosenthal
Mail: Postnet 114, P/Bag X18, Rondebosch, 7701, South Africa

No comments: